Monrovia – Izikhulu zeWorld Health Organisation zizohambela izibhedlela ezelapha abantu abangenwe yi-Ebola eLiberia, okuyindawo esivalwe yiziphathimandla ukuba kuhanjelwe kuyona ngemizamo yokugwema ukubhebhetheka kwaleli gciwane.
Ngemuva kothuthuva olusuke phakathi kwababhikishi nabezokuphepha endaweni evaliwe, iWest Point, isimo sibuyele kwesejwayelekile ngoLwesine.
Igciwane le-Ebola selibulale abantu abangaphezulu kuka-1 300 eLiberia, Sierra Leone, Guinea naseNigeria.
I-Ebola ibhebhetheka kakhulu eLiberia, kanti iziphathimandla kuleliya lizwe zithathe izindlela ezinqala zokuzama ukugwema ukubhebhetheka kwayo.
NgoLwesithathu, kuvalwe iWest Point nakwelinye idolobha.
Khonamanjalo, izikhulu zezempilo kwi-UN zihambele izikhungo ezimbili
ezelapha izigulu enhlokodolobha kanti kubikwa ukuthi zingaphansi kwengcindezi
yokugcwala kakhulu.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.