Abuja – Izikhulu zombutho wezokuvikela eNigeria seziphumele obala mayelana
nokunyamalala kwendiza yezombutho kuleli lizwe.
Ngokombiko ngezikhathi lezi
zikhulu zikhuluma nabezindaba e-Abuja ngoMsombuluko ziveze ukuthi okwamanje
akekho ezingamkhomba ngenjumbane mayelana nokunyamalala kwale ndiza.
Isikhulu
esiphezulu sezoMnyango wezokuVikela eNigeria u-Alex Badeh uthe okwamanje
akumele kube nokutatazela njengoba kusewumbutho waseNigeria osengamele ezomoya
kuleli yazwe.
Uthe babheka yonke indawo
nokuthi kungabe kwenzakaleni kule ndiza.
OLUNYE UDABA: Izikhulu zaseNigeria ziphika ukuhlaselwa kowase-US
“Engingakusho nje wukuthi sibheka
zonke izindlela ezikhona,” kusho uBadeh.
Kubikwa ukuthi le ndiza ebinabashayeli
ababili ifulathele isikhumulo sezindiza zombutho iYola ngoLwesihlanu ekuseni
kanti bekulindeleke ukuba ibuye ngoMsombuluko phakathi nosuku.
UBadeh uthe
uyathemba ukuthi bazoyithola maduze le ndiza futhi nabashayeli bazo besaphila.
Umbutho wezokuVikela eNigeria ubhekene nengwadla yokulwa namasosha eBoko Haram
ahlasela izindawo ezahlukene yaleli lizwe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho