Lagos – Ithimba eliphenya ngembangela yokuwa kwesakhiwo sesonto esihlala izivakashi ngoSepthemba 12, eNigerai, lifuna ukubona uhlu lwabantu ababebhaliselwe ukungena ebhilidini ngaphambi kokuwa kwesakhiwo, kubika iThisday.
Ithimba
eliholwa iMantshi u-Oyetade Komolafe, likusho lokhu ngoLwesine ngesikhathi
lihambele endaweni yesehlakalo okwashona kusona abantu abalinganiselwa
kwabangu-115 ngesikhathi kuwa isakhiwo esihlala izivakashi eSynagogue Church of
All Nations (SCOAN).
Funda nalolu daba: URamaphosa uhambele ukuvulwa kwePhalamende.
Uthe uhlu luzosiza ukuze abahlola izidumbu bezokwazi ukuhlonza ngendlela izidumbu.
UKomolafe ubehambisana nabameli beSynagogue Church, izikhulu zikahulumeni, iRed Cross Society, nezinye izikhulu kanye nabezindaba.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.