Mogadishu - Izintatheli ezintathu zaseSomali zilindele ukuquliswa amacala azo ngokusakaza izinto ezisusa udlame, kanti uhulumeni uyayichitha imibiko ethi zahlukunyezwa esitokisini.
IRadio Shabelle kanye nesiteshi somsakazo esingaphansi wayo, iSky FM, zavalwa ngoLwesihlanu olwedlule kwaboshwa abantu abangu-21, ngemuva kokuba begxeke isenzo samasosha sokuphuca umholi wamaphekula izibhamu enhlokodolobha iMogadishu.
"Yomibili le misakazo yagquguqzela umphakathi ukuba uthathe izibhamu ubhekane namasosha kahulumeni,” kusho uNgqongqoshe esitatimendeni.
"Ngenxa yalokhu, kwabanemibhikisho kwezinye izingxenye zedolobha kwagcina kushone abantu abangenacala,” kuqhuba uNgqongqohse."
IReporters Without Borders (RSF) ibinezinsolo zokuthi laba bobathathu bayahlukunyezwa esitokisini.
Iziteshi zibuye zavunyelwa ukuba zisakaze, kanti ziqalile ngoLwesibili.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.