Ukuqhuma kwenzeke ngasesiteshini iNyanya, esiqhele ngamakhilomitha amahlanu ne-Abuja.
Kucekeleke phansi izimoto ezingu-30, ezihlanganisa nebhasi ebithwele abagibeli, kusho intatheli yezindaba ze-AFP.
Isikhulu seNational Emergency Management Agency (NEMA), uCharles Otegbade, uthi kuqhubeka uphenyo nokutakula.
Okwamanje akwazeki ukuthi kusetshenziswe luphi uhlobo lweziqhumane kanti abekho asebevume umonakalo.
Kusukela kuqale unyaka, bangaphezu kuka-1 500 abantu asebeshonile odlameni lweBoko Haram.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).