isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Kubhujiwe engozini yomgwaqo eSenegal

2012-08-07 16:38
Dakar - Okungenani abantu abangu-23 bashonile ngesikhathi kwehla ingozi yomgwaqo ebiphakathi kwebhasi neloli maphakathi nezwe iSenegal, kusho izikhulu zabasebenza ukucisha umlilo kanjalo nabezempilo.

"Ibhasi elinezihlalo ezingu-35 itholane phezulu neloli elilayisha amalahle," kusho isikhulu sitshela abezindaba ze-AFP.

Abantu abangu-22 bashone ujuqu omunye washona ngokuhamba kwesikhathi, abanye abangu-23 balimele.

"Ingozi enkulu ngalolu hlobo, yagcina ukubonakala eSenegal ezinyangeni eziyisithupha ezedlule ngesikhathi kushona abantu abangu-15 enhla nesifundazwe."

Izikhulu zithe kukhona imikhankaso esiqaliwe ukuzama ukugqugquzela abashayeli ukuthi bacophelele.

Imbangela yengozi ayikazeki.




 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Ad:Funeral Cover from R29/m
«Emuva
Ad:Standard Bank Life Cover