Bulawayo - Indoda yaseKwekwe cishe yalahlekelwa wubuntu bayo ngesikhathi umqwayizi ebuhlafuna ngezizathu zokungafuni ukukhokha.
U-Elson Chiparadza ubesendaweni yokucima ukoma eQueens Sports Club ngomhlaka-2 Ephreli ngesikhathi ecela owesifazane, u-Ivy Makovere, ukuba enze naye ucansi.
Bavumelana no-Makovere bathola ikhosomba lapho benza khona ucansi ngaphakathi endaweni yokucisha ukoma.
Ngemuva kokuzibandakanya ocansini uChiparadza wanqaba ukukhokha, kubika iB Metro.
OLUNYE UDABA: Uboshiwe umqwayizi ozame ukuhluthula induku yekhasimende
UMakovere wavele wagxavuna ubuntu bukaChiparadza wabuhlafuna waqede wanyamalala enziwa ukudinwa.
UCharadza wazama ukuvuka phansi eyofuna usizo.
UMakovere waboshwa ngemuva kokuvulelwa icala.
UMokovere ubhekene necala lokushaya, kubika iBulawayo24.com.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter