isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Kubulawe-14 eAfghanistan

2012-06-01 15:25
Kabul - Kushone abantu abangu-14 ngesikhathi indoda engaziwa ihlasela iziqhumisa ngebhomu esikhungweni samasosha ase-US, esisentshonalanga ne-Afghanistan ngolwesihlanu.

Amasosha eNATO ahambisa usizo athi akekho osohlangothi lwawo olimalile.

Izihhonga zeTaliban, esezibambe impi iminyaka zilwisana nohulumeni zithi yizo ezenze umonakalo, izikhulu zezokuphepha e-Afghan zithi imoto ebicushwe amabhomu ishayise isikhungo samasosha.

"Imiboko yokuqala ibithi kushone amasosha ayisikhombisa kwalimala abantu abangu-13," kusho umbiko wabezindaba.

Isikhulu samaphoyisa esifundazweni iKhost, uSardar Mohammad Zazai uthi amanye amasosha ayisikhombisa ashonile ngesikhathi imoto ingena ngaphakathi esikhungweni.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Ad:Funeral Cover from R29/m
«Emuva
Ad:Standard Bank Life Cover