Kinshasa – Kubulawe abantu abangu-14 ngesikhathi behlaselwa ngocelemba
ngamaphekula ase-Uganda endaweni
yaseBeni eRepublic of Congo.
Kubikwa ukuthi lokhu kuhlaselwa okuthiwa kwenziwe
ngabaqembu i-ADF kwenzeke phakathi kwamabili edolobheni laseKampi yaChui.
Ngokusho kukaTeddy Kataliko oyinhloko yezokuphepha endaweni yaseBeni lesi
sigameko sishiye amalungu omphakathi wakule ndawo ushaqekile njengoba abantu
bebulawe ngalesi sihluku.
OLUNYE UDABA: Kubulawe amaphekula angu-7 abehlasela amasosha
Iziphathimandla
azisiqinisekisanga isibalo sababulewe kodwa zathi ziyazi ngalesi sigameko
esishiye inqwaba ishonile.
“Ngiyazi ukuthi kunabantu abashonile futhi elinye
lamalungu e-ADF libanjiwe,” kusho uNgqongqoshe wezangaPhakathi uRichard Muyei
obevakashele kule ndawo.
Kubikwa ukuthi
lesi sibalo kusengenzeka sande njengoba kunabanye abasesimeni esibucayi ngenxa
yokulimala kulokhu kuhlaselwa.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho