Bangui – Kubulawe abantu abangu-28 kwalimala inqwaba ngesikhathi kuqubuka
impi phakathi kwamaqembu abehlomile eCentral African Republic ngokusho
kwamaphoyisa.
“Udlame luqubuke ngoLwesibili maphakathi nendawo iMbres,” kusho
isikhulu samaphoyisa.
OLUNYE UDABA: Bangaphezulu kuka-5 000 asebebulewe eCAR
Kubikwa ukuthi lo mbango uphakathi kwamaqembu amabili
ezinkolo ezahlukene eyamaKristu namaSulumane.
Sekunesikhathi kunezimpi kuleli
lizwe eliphakathi nezwekazi i-Afrika nosekuholele ekutheni kushone inqwaba
yabantu abangenacala kuleli lizwe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho