Conakry – Abantu abayisikhombisa abebeyingxenye yethimba ebeliyofundisa izakhamuzi zasemakhaya nge-Ebola eGuinea batholakale beshonile ngemuva kokuhlaselwa yizakhamuzi ebezidiniwe,” kusho uhulumeni ngoLwesine.
Izidumbu zitholwe esikoleni saseWome, kusho okhulumela uhulumeni u-Albert Damantang Camara etshela abe-AFP, oqhube wathi izisulu zibulawe kabuhlungu.
IBBC icaphune uhulumeni waseGuinea ethi izidumbu
ezitholiwe zihlanganisa nezintatheli ezintathu kanye nodokotela abathathu.
Funda nalolu daba: I-Australia izonikelela i-Ebola.
I-Al Jazeera ngoLwesine ibike ukuthi izidumbu zabathathu zitholwe zinqunywe imiqala.
Akukacaci
kahle ukuthi kubeyini imbangela yokubulawa kwabo, kodwa ukubhebhetheka
kwe-Ebola sekwenze izakhamuzi zingamethembi uhulumeni kanye namazwe omhlaba.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.