Mogadishu - Angaphezulu kwangu-20 amasosha eqembu lamaphekula e-Al Shabaab kanye namasosha kahulumeni waseSomalia abulewe esifundeni sasePuntland, ngesikhathi itholene phezulu ngoLwesithathu, kusho izikhulu.
Abezokuphepha ePuntland bahlasele i-Al Shabaab endaweni yayo engasedolobheni laseBosaso, kusho umholi wasePuntland u-Abdiwali Mohamed Ali ekhuluma nabezindaba.
Funda nalolu daba: Kushone 2 kuhlasela i-Al Shabaab.
Izakhumuzi ezingafunanga ukudalulwa igama zithe zibone inqwaba yezidumbu zamasosha nezamaphekula.
Isimo sisamanzonzo, kusezwakala namanje ukuqhuma kwesibhamu, kusho isikhulu sezokuphepha ePuntland.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.