Cairo – Izikhulu zikahulumeni zithe kubulawe isikhulu samaphoyisa eGibhithe
ngesikhathi aamaphoyisa ebopha abenkolo yamaSulumane abangu-100 ngaphambi
kombhikisho ophikisana nohulumeni obusayo kuleli lizwe.
Isitatimende esikhishwe
uhulumeni siveze ukuthi lesi sikhulu samaphoyisa sibulwayo ngoLwesihlanu
ngesikhathi izinkabi ezingaziwa zivulela ngenhlamvu zisemotweni.
Kulesi
sigameko kuphinde kwalimala namanye amaphoyisa amabili. UNgqongqoshe
wezangaphakathi uHani Abdel-Lafif uthe kutholakale amabhomu ayisikhombisa
ezindaweni ezahlukene ezweni lonke.
OLUNYE UDABA: Kugwetshwe izintatheli eGibhithe
AmaSulumane eGibhithe awahambisani
nohulumeni obusayo njengoba ezimisele ngokuwuketula njengoba ngoLwesihlanu
bekunombhikisho omkhulu ezandaweni ezahlukene.
Leli lizwe libhekene negwadla
selokhu kwagudluzwa owayelihola phambilini uMohammed Morsi.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho