N'Djamena – Kubulawe amasosha amathathu nezihonga zeBoko Haram ezingu-123 ngesikhathi lezi zidlamlilo zihlasela inkambu yamasosha aseChad, eCameroon, kusho umbutho wezempi eChad ngoLwesihlanu.
Amanye amasosha angu-12 alimalile kulezi zidubedube zangoLwesine noLwesihlanu edolobheni iFotokol, ngokusho kwesitatimende sombutho.
IChad yathumela inqwaba yamasosha ezweni elingumakhelwane iCameroon ngomhlaka-17 Januwari ukuyobhekana nezihonga zeBoko Haram.
OLUNYE UDABA:
I-Boko Haram ibulale abangu 21"Kudingeke ukuthi izihonga zihlehle sinyova ngoba bezibona ukuthi amasosha ethu awagayelwe mphako,” kuqhuba isitatimende.
Le nhlangano ihlalise lubhojozi amazwe amaningi e-Afrika.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.