Umphakathi usale ubambe ongezansi ngalesi sigameko sokubulawa kwabafi abahlonzwe njengo-Oyinkansola Owoeye noFolasade Bello
Imithombo yamaphoyisa itshele iVanguard ukuthi lezi zingane, zombili ezineminyaka engu-12 ubudala, zibulawe ziye kotheza izinkuni zokubasa.
OLUNYE UDABA: Kubulawe izingane ezingu-8
Kube sekujutshwa ithimba elizoya kozithungatha ngemuva kokuthi kudlule isikhathi zingabuyi.
Izidumbu zazo zitholakale zigencwe ngezizenze, zidindilize eceleni komgwaqo.
Abazithamundayo bathi ngemuva kokubulawa, lezi zingane zibe sezimpontshwa igazi nokuyilona ebelidingwa abadlaseli balezi zingane.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter