Harare - Owesilisa waseZimbabwe obezinze eMidrand, eNingizimu Afrika, uficwe ukufa ngesikhathi ephangwa wase ebulaway izigebengu esanda kuqeda ukuzithokozisa ngocansi nomqwayizi.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseBoksburg uKwendzakwakhe Ngobese, u-Edwin Tshuma, odabuka eZimbabwe, wapaka imoto yakhe enxanxatheleni yezitolo ngaphambi kokungena esikhotheni esiseduzane nomqwayizi ngomhlaka-27 Mashi.
OLUNYE UDABA: Umqwayizi okhokhisa u-R10
"Kwathi sebeqedile ukuzithokozisa, kwaqhamuka amadoda amane adumela uTshuma ambhokoda ngommese ase emebela ayekuphethe,” kusho uNgobese.
Uqhube ngokuthi amaphoyisa aziswa ngumphakathi ngalesi sigameko kwase kuboshwa abasolwa abathathu ngempelasonto.
Omunye umsolwa usagcwele amathafa.