Cape Town – Imibiko yabezindaba eKenya ithi kwebiwe enye yezimoto zikaMengameli u-Uhuru Kenyatta, yohlobo lweBMW ene-bulletproof, eNairobi.
Ngokusho kombiko weDaily Monitor, umshayeli obesendleleni eya ekhaya liphuma emsebenzini, ukhunyulwe wasala nqunu washiywa khona lapho.
Umbiko weDaily Nation uthe nakuba okhulumela uMbuso, uManoah Esipisu, esiqinisekisile lesi sehlakalo kodwa wakuphika ukuthi imoto ingenye yezomoto ezisetshenziswa uMengameli.
Lishone elangoLwesinekusaqhubeka ukuthungathwa kwemoto kanye nebasolwa, kusho umbiko.
Isigameko senzeke ngemuva kwezinsuku ezimbalwa uKenyatta ephakamise isikhulu
esisho sezobunhloli esinesipiliyoni sokulwisana namaphekula ngemizamo
yokunqanda ukuhlasela kwawo eKenya.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).