Mogadishu – Abasolwa ngokuba yingxenye yeqembu lamaSulumane i-al-Shabaab badubule babulala intatheli yaseSomalia nowakwayo, ngokusho kwamaphoyisa.
UDaud Ali Omar oneminyaka engu-35 ubudala obesebenza esiteshini somsakazo esizimele eningizimu yedoloba iBiadoa nomkakhe badutshulwe ngesikhathi besalele emzini wabo ngemuva kokungena kwabalisa abebehlome ngezibhamu, kusho okhulumela amaphoyisa uMahada Mohamed.
OLUNYE UDABA: INigeria ezinhlelweni zokuhlonza amantombazane
Uqhube wathi nakuba lingekho iqembu eseliphumele obala ngalesi sigameko kodwa usola i-al-Shabaab nokuyilona eliqhuba izigameko zokuhlasela edolobheni laseBaidoa.
UMohamed Ibrahim wenyunyana yezintatheli iNational Union of Somali Journalists uthe inhloso yokubulawa kuka-Omar wukuncindezela ukusebenza kwezintatheli ngokukhululeko.
Ngokombiko weGlobal Watch zingaphezulu kuka-30 izintatheli esezibulewe eSomalia kusukela ngo-2012.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho