Bulawayo - Owesifazane oneminyaka engu-33 ubudala wase-Old Pumula ophinde abengumama wezingane ezintathu, uthelele umfundi owenza uGrade 7 ngesifo socansi kanti abazali bomfana bafuna isinxephezelo semali engu-R1 000.
Lokhu kuvele ngesikhathi lo mfana esehamba efuna ukwenza ucansi nanoma yimuphi umuntu wesifazane, ekhala ngokuthi 'induku' yakhe iyaluma, kanti izoyeka uma nje engathola ucansi.
Ngokombiko wabezindaba ze-B Metro lo mfana uthelelwe nguChipo Watura ngesifo socansi esithathelenayo (STI).
Lokhu kuholele ekutheni izakhamuzi zisole uWatura ngokuthela umphakathi ngehlazo.
OLUNYE UDABA: Baphisane ngocansi abaqwayizi begubha inkululeko
UWatura uthi uhehe umfana oneminyaka engu-14 ubudala embedeni wafuna imali elinganiselwe ku-R12,17 wokwenza ucansi naye kathathu.
"Kuyiqiniso ukuthi ngizibandakanye ocansini nomfana ngaphinde ngamthelela ngesifo socansi esithathelanayo.
"Sengilale naye izikhawu ezintathu ezahlukene. Ngicabanga ukuthi imisebenzi kasathane lena," kusho uWatura, kubika iBulawayo24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter