Rabat - IMorocco igwebe owesilisa ongowokudabuka eBrithani iminyaka engu-20 ebhadla ejele ngamacala okuthumba nokuzama ukudlwengula amantombazanyana amathathu, kusho isishoshovu.
URobert Bill, 59, nowayenguthisha eNorth Wales, ulahlwe ngamacala enkantolo eseTetouan, kusho uMohammed Benaissa, noyinhloko yenhlangano iNorthern Observatory for Human Rights, etshela izindaba ze-AFP.
UBill, nowathi akanacala ngoba ethi abukho ubufakazi obumyamanisa nezinsolo, unezinsuku eziyishumi zokuthi aphikise isinqumo senkantolo.
Ngaphezu kweminyaka engu-20 azoyihlala ejele, uphinde wahlawuliswa u-$12 420.
"Siyasamukela isigwebo ngoba sithumela umyalezo onqala kulabo abahlukumeza izingane," kusho uBenaissa.
UBill waboshwa ngonyaka odlule egalaji likaphethiloli ngemuva kokuthi abantu bezwe ingane yentombazane, 6, iqandula ngaphakthi emotweni yakhe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho