Harare – Kulindeleke ukuthi uhambe umshungu wokuqala wabantu abadabuka eZimbabwe ababalekela udlame olubhekiswe kwabokufika obeluqhubeka eThekwini.
La bantu kulindeleke ukuthi batheleke eBeitbridge ngoMsombuluko, kubika iphephandaba iHerald.
Amabhasi athwele abantu abangu-407 abadabuka eZimbabwe, kanti kuthiwa bayakujabulela ukugoduka, kusho lo mbiko.
OLUNYE UDABA: Kulimale kabi abokufika behlaselwa ngebhomu eMlazi
Lesi sibalo sibandakanya nezingane ezingu-92, abesifazane abangu-112 nabesilisa abangu-203, abebehlala endaweni yokukhoselisa amakhanda eseChatsworth.
Imibiko yangaphambilini ithe bangu-700 abantu baseZimbabwe abazimisele ngokubuyela emakhaya, kepha manje kubukeka sengathi lesi sibalo sihlukaniswe phakathi.
Inxusa laseZimbabwe eNingizimu Afrika, u-Isaac Moyo, uthe omunye u-400 wabantu uzogodukiswa, usuka ePhoenix Holding Centre ngoMsombuluko.