Accra – Uhulumeni waseGhana ngoMsombuluko umise amajaji ayisikhombisa kwangu-12 asebenza ezinkantolo ezinkulu ngemuva kwezinsolo zokugwazelwa ezenziwe yintatheli.
Isinqumo silandela izinsolo ezivezwa kwifilimi engamahora amathathu eyaqala ukubonakala ngenyanga edlule neyasusa umsindo kuleliya lizwe ngenxa yokuthi ikhombisa amajaji emukela intshontsho.
Funda nalolu daba: Ugwetshiwe owabanjwa oqotsheni edlwengula intombi,13.
Phambilini kumiswe amajaji amancane angu-22 abonakala kwi-video.
Amanye amajaji ayakuphika ukuthi kukhona okungalungile akwenza kanti futhi asefake isicelo sokuphikisa lesi sinqumo enkantolo, bathi ukumiswa kwabo akunasiseko somthetho.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.