Nairobi – Kunyamalale ibhanoyi ebelinabantu abathathu, ebelisuka eTanzania liya eKenya, kusho iziphathimandla ngoMsombuluko.
Ibhanoyi i-Fokker 27, elinenombolo engu-5YSXP, elisetshenziswa yiSafari Express Limited lisuke esikhumulweni sezindiza eTanzania ngeSonto ntambama liya eMagadi kodwa alifikanga.
Isikhulu samaphoyisa esikhumulo sezindiza eKenya (KAPU) uJoseph Ole Tito ukuqinisekisile ngoMsombuluko ukuthi ibhanoyi linyamalele wathi isaqhubeka imizamo yokulithungatha.
Uthe uphiko lwamaphoyisa ezasemoyeni selujube indiza enophephala emhlane ukuba lithungathe ibhanoyi elinyamalele.
Ibhanoyi ngelenkampani yamabhanoyi iSafari Express LTD.
Inkampani ibingakasikhiphi isitatimende esigcwele ngalolu daba, futhi ibingakadaluli ukuthi bebebangaki abantu abebesebhanoyini nokuthi bagcinephi ukuxhumana nalo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).