Share

Kunyamalale inqwaba yabantu kucwila isikebhe

Tripoli - Yinqwaba yabantu abangabafuduki abasanyamalele namanje ngasogweni lwaseLibya ngemuva kokucwila kwesikebhe abebehamba ngaso, kusho okhulumela umbutho wezasemanzini eLibya.

Bangu-36 kuphela abafuduki, okubalwa kubona abesifazane abathathu, abatakulwe esikebheni ebesithwele abantu abalinganiselwa ku-200 olwandle lwaseTripoli ngeSonto, kusho uColonel Ayub Kassem.

"Ziningi izidumbu ezibonakale zintanta emanzini kodwa ngenxa yokungabikho kwezinsiza kusebenza ezanele asikwazanga ukuzikhiphela ngaphandle, ikakhulukazi njengoba besekuqala nokuhlwa,” kusho uKassem.

Funda olunye udaba: Zibekwa ku-14 000 iziboshwa ezeqile eLibya.

"Obekuseqhulwini ukuthi sihlenge labo abebesaphila,” usho kanje.

Njengoba isimo singesisihle ngenxa yezombusazwe, abantu baseLibya bazama ukufudukela e-Europe ngokuthi bawele ulwandle iMediterranean, ikakhulukazi bewelela eNtaliyane.

Esehlakalweni saphambilini, bangu-170 abafuduki abanyamalala bezama ukuwela ulwandle ngesikebhe.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
61% - 22 votes
No! It's time to move on ...
39% - 14 votes
Vote
Rand - Dollar
19.08
+0.7%
Rand - Pound
23.89
+0.2%
Rand - Euro
20.47
+0.4%
Rand - Aus dollar
12.45
+0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.9%
Platinum
918.00
+0.6%
Palladium
1,011.50
+0.7%
Gold
2,325.00
+0.4%
Silver
27.38
+0.8%
Brent-ruolie
88.02
-0.5%
Top 40
68,765
+0.3%
All Share
74,705
+0.3%
Resource 10
62,134
+2.8%
Industrial 25
103,110
-0.9%
Financial 15
15,889
+0.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE