Maputo - Uhulumeni
waseMozambique usephasise umthetho wokuhushulwa kwezisu ngenhloso yokulwa
nesimame esenza lo mkhuba emakhosombeni.
NgoLwesine, uMengameli wezwe u-Armando Guebuza usayinde phansi ephasisa lo mthetho onconywa kakhulu ngabezempilo.
Isisu singahushulwa emavikini angu-12, owesifazane ezithwele kanit uma okhulelwe edlwenguliwe, angahushula noma amaviki esengu-16.
Phambilini izwe belivuma ukuthi owesimame ahushule uma kuvela ukuthi impilo kamama ingaba sengcupheni.
Ngokusho kwenhlangano yamalungelo, baku-11% abesifazane baseMozambique abshona bezama ukuhushula izisu.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.