Tripoli - Isikebhe ebesithwele abantu abangaphezulu kwabangu-100, okungabokufika, sicwile ogwini olungasenhlokodolobha yaseLibya, kusho izikhulu ngeSonto.
U-Abdel-Latif Mohammed uthe onogada bathole isikebhe sicekeleke phansi ngasezihlabathini zolwandle e-al-Qarbouli, okuyindawo engamakhilomitha angu-50 ukusuka eTripoli.
Asikasiqinisekiswa isibalo sabantu abatholwe beshonile kodwa kusolwa ukuthi isikebhe besithwele abantu abalinganiselwa kwabangu-100.
Ngeledlule, cishe bangu-100 abantu base-Afrika, okubalwa kubona izingane ezinhlanu, abaminza kuyona le ndawo.
Izwe laseLibya liyaqhubeka nokungalawuleki kusukela ngo-2011 ngesikhathi
kuketulwa umbuso kaMoammar Gadhafi.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.