Share

Kuphume idlanzana embhikishweni wokuliwisana nobutabane

Nairobi – Kuphume idlanzana labantu ngesikhathi kunombhikisho wokulwa nobutabane enhlokodolobha yaseKenya iNairobi ngokusho kombiko.

Lo mbhikisho ubunabantu ababalelwa ku-35 ubuhlelwe ngabazibiza nge-Avengical Alliance of Kenya kanti bathe bafuna ukuxwayisa uMengameli wase-United States uBarack Obama njengoba kulindeleke ukuthi atheleke kuleli lizwe ngasekupheleni kwenyanga.

Leli dlanzana lithe linxusa u-Obama ukuthi angayikhuthazi impilo yobutabane kuleli lizwe njengoba elindeleke ukuthi atheleke ngomhlaka 24 kuya kumhlaka 28 kuJulayi.

U-Obama uzobe ehambele ezweni laseKenya okuzalwa kulo uyise okokuqala kusukela aqokwa njengomengameli wase-US.

OLUNYE UDABA: Uthisha ezinsolweni zokumithisa umfundi

Uzobe ehambele ingqungquthela ebizwa ngeGlobal Entrepreneurship Summit ezoba ihanjelwe osomabhizinisi, izinhlangano zomhlaba ezizimele nezikhulu zikahulumeni emazweni ahlukene.

Umholi wale Alliance uBoshop Mark Kariuki uthe izitabane ziphikisana nemigomo yokuphila futhi zithumela umyalezo ongalungile kubantu abasha.

Lo mbhikisho uqhamuka ngemuva kosuku uSekela Maengameli waseKenya ekubeke ngembaba ukuthi labo abajola nobulili obufana kumele baphume baphele kuleli lizwe.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
66% - 671 votes
No! It's time to move on ...
34% - 347 votes
Vote
Rand - Dollar
19.07
-0.3%
Rand - Pound
23.85
-0.2%
Rand - Euro
20.47
-0.3%
Rand - Aus dollar
12.48
-0.6%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
931.80
+0.7%
Palladium
993.00
+0.3%
Gold
2,344.71
+0.5%
Silver
27.69
+0.9%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,154
+1.1%
All Share
75,069
+1.0%
Resource 10
62,766
+1.0%
Industrial 25
103,925
+1.4%
Financial 15
15,882
+0.5%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE