Abuja – Nakuba kunokwesaba kokuthi kungase kuqubuke udlame ngemuva kokhetho kodwa izinkumbi zabantu baseNigeria ziphume ngobuningi ukuyovota ukhethweni lukazwelonke olubhekwe ngabomvu emhlabeni.
Abantu bakuleli leli baqale ukuma imijenge kusukela ezintatha ngoMgqibelo lapho bebelinde ukusebenzisa ilungelo labo lokuziqokela umengameli namalungu ePhalamende.
Kuzokhuleka ukuthi lolu khetho kwakumele lube emasontweni ayisithupha adlule kodwa lwahlehliswa ngenxa yokuhlasela kweBoko Haram kuleli lizwe.