Cairo – Amaphoyisa athi kushone abantu abayishumi ngesikhathi kuwa ibhilidi elinezitezi ezingu-8 eMatariya, ngaphandle kwaseCairo, eGibhithe.
Amaphoyisa athe ezinye izakhamuzi eziyisikhombisa ebezihlala kuleli bhilidi zithole ukulimala ngesikhathi kuwa lesi sakhiwo ekuseni ngoLwesibili.
Ithimba labatakuli
lisathungatha abanye okungenzeka ukuba bavaleleke ngaphakathi kanti inqwaba
yabantu abahlala emabhilidini angomakhelwane kudingeke bakhishwe.
Funda nalolu daba: Amaphoyisa adubule owesifazane esweni ehlakaza isixuku.
Amaphoyisa, angafunanga ukudalulwa amagama awo ngenxa yokuthi abengagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, athe ukuwa kwesakhiwo kudalwe ukuthi leli bhilidi lakhiwa ngaphandle kwemvume.
Ukuwa
kwezakhiwo kuyinto evamile eGibhithe.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.