Benghazi – Kusho abantu abangu-16, iningi labo okungamasosha, kwalimala abangu-81, ngesikhathi kutholana phezulu amasosha aseLibya namaphekula edolobheni laseBenghazi, kusho imithombo esondelene nabezempilo kanye nabezokuphepha ngoLwesibili.
"Iningi labantu abashonile kanye nabalimele bekungamasosha. Kushone nezakhamuzi ezintathu, okubalwa kuzona nowaseGibhithe," kusho umthombo ongafunanga ukudalulwa.
Elinye isosha lithe ukulwa kuqale ngemuva kokuba amanye amaphekula ehlasele amasosha, kwashona amasosha amahlanu.
Uphiko oluyisipesheli lwamasosha lungenelele, lalwa kanzima namaphekula.
Kusukela ngo-2011 ngesikhathi kuketulwa Muammar Gaddafi, indawo yaseBenghazi iyisizinda sodlame.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).