Kano – Kubulawe abantu abangu-18 ngesikhathi idelakufa liziqhumisa ngebhomu esiteshini samabhasi ebesiphithizela abantu enyakathi yempumalanga yaseNigeria ngokusho kombiko.
Kubikwa ukuthi elinye idelakufa lidutshulwe ngamaphoyisa lingaziqhumisa ngoLwesine endaweni ebude buduze nesiteshi samabhasi.
UBabagana Kyari uthe babalelwa ku-18 okuhlanganisa nabesifazane abathathu abashonile kwathi nqwaba yalimala kanzima.