Dar es Salaam – Kushone abantu abangu-19 ngesikhathi itekisi lingena emfuleni oseningizimu yaseTanzania ngoLwesihlanu ngokusho kwamaphoyisa.
Le ngozi yenzeke emgwaqweni onguthelawayeka eMbeya, kusho isikhulu samaphoyisa u-Ahmed Msangi ngesitatimende.
OLUNYE UDABA: IBhodi labafundi eZimbabwe lithi lizoziphindisela
Kwabashonile abangu-18 bashonele endaweni yesigameko kwathi oyedwa washonela esibhedlela kanti abanye abathathu balimale kanzima.
Kubikwa ukuthi umshayeli waleli tekisi ebeligcwele abantu uhlulekile ukulilawula labe seliphuma emgwaqweni layongena emfuleni.
Izingozi ezifuze lezi zidlangile eTanzania ngenxa yokungakhiwa kahle kwemigwaqo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho