Cairo - Kushone okungenani izisebenzi ezingu-19 ngesikhathi umlilo uthungela ifemu yefenisha eGibhithe, kusho izikhulu zezokuphepha nezempilo.
Ezinye izisebenzi ezingu-22 zilimalile kwathi ezinye zalashelwa ukuhogela intuthu e-Al-Helw Factory, enyakatho neCairo.
Abezokuphepha bathi umlilo ubusha ubuhanguhangu kule femu eyisitezi ezintathu kulandela ukuqhuma kwegesi.
OLUNYE UDABA: Kushone 38 kuqubuka umlilo ekhaya lezaguga
Izithombe ze-video zitshengisa intuthu iphuma kule femu, nabatakuli bezama ukusiza izisulu.
Kuthiwa izingozi ezinjengale zivamile eGibhithe ngenxa yamabhilidi amadala angekho ezingeni elifanele lokuthi kusebenze kuwo abantu.