Mogadishu - Babili abantu abashonile ngesikhathi amalungu eqembu lamaphekula i-Al Shabaab evulela ngenhlamvu emotweni yesikhulu sikahulumeni waseSomali, kusho abezokuphepha ngoMgqibelo.
Abahlaseli abebehamba ngemoto kanokusho badubule imoto ebihamba u-Ali Mohamed Madobe esifundeni saseWdajir enhlokodoloba yaseMogadishu, kusho okhulumela abezokuphepha, uMohamed Hassan, etshela abe-dpa.
"Uhlaselwe ngabasolwa abane esendleleni eya emsebenzini kanti
kuthiwa bebehlome ngezibhamu ezincane kanye ne-AK47,” kusho uHassan.
Funda udaba: Kuxwayiswa iNingizimu Afrika nge-Al Shabaab.
Abashayeli baMadobe bashonile kulesi sehlakalo, kanti uMadobe yena ulimale kabi.
Okhulumela i-Al Shabaab uSheikh Abdiasis Abu Mus'ab ukuqinisekisile ukuthi iqembu lakhe liyathinteka kulokhu kuhlasela.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).