Umthwebuli wezithombe zeReuters ubone izidumbu ezingu-20 esikhumulweni samabhasi ebhulohweni iNyanyan, okuyindawo engamakhilomitha angu-8 ukusuka e-Abuja, kanti ababili abazibonele bathe ezinye izidumbu ezingu-15 besezisusiwe ngabosizo lokuqala.
"Bengilinde ukugibela ibhasi ngesikhathi ngizwa ukuqhuma okulandelwe yintuthu. Abantu bebebaleka bethukile," kusho uMimi Daniels, osebenza e-Abuja.
Kube sekulandela okunye ukuqhuma futhi, usho kanje.
Abekho asebephumele obala ngokuhlasela kodwa kungenzeka ukuba kuhlasele iqembu iBoko Haram.
Leli qembu kusolwa ukuthi libulale abantu abangu-60 esehlakalweni esenzeke enyakatho yeNigeria ngeledlule.
Kubulawe abantu abangu-8 ezehlakalweni ezahlukene ekolishi yothisha, kusho abazibonele.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho