Accra - Ingozi yomgwaqo ehlanganisa amabhasi amathathu ibulale abantu abangu-21 maphakathi nezwe laseGhana, kubike isiteshi somsakazo ngoMsombuluko.
Umshayeli webhasi uzame ukudlula imoto wabe eseshayisa elinye ibhasi ngase-Asankare emgwaqeni omkhulu ohlanganisa i-Accra neKumasi ngeSonto ntambama.
Ibhasi lesithathu libe selizithela phezulu kwala mabhasi amabili, kodwa abagibeli abebekulona abalimalanga.
Abatakuli basebenze amahora amaningi bezama ukukhipha abashonile nabalimele.
Abantu abangu-15 bashonele khona lapho kanti abanye bashonele esibhedlela.
Bangaphezulu kwabayishumi abantu abasesimeni esibucayi, kusho odokotela.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.