Conakry – Kushone abantu abangu-24 ngesikhathi kunokugxobana ekhonsathini yomculo we-rap ngoLwesibili, kusho izikhulu zesibhedlela eGuinea.
Uhulumeni usememezele ukuba kuzilwe isonto lonke ngemuva kwenhlekelele eyenzeke ebhishi edolobheni elisenyakatho yeRatoma lapho bekudlala khona iqembu lomculo we-rap, i-Instinct Killers.
Abezimo eziphuthumayo bathole izidumbu ezingu-24 okubalwa kuzona nezamantombazane angu-13 baziyisa esibhedlela iDonka, kusho isikhulu sesibhedlela sitshela abe-AFP.
"Okwamanje kusakhona izidumbu ezingu-24 esibhedlela iDonka kanti abanye abalimele bayiswe ezibhedlela ezahlukene,” kusho amaphoyisa.
Ihhovisi likaMengameli lithe sibathusile lesi sigameko.
Sekuqaliswe uphenyo ukuze kutholakale umsuka wenhlekelele.
Isikhulu esihlela imicimbi yalolu hlobo simisiwe.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.