Bujumbura – Kushone abantu abathathu ngesikhathi kuhlaselwa amaphoyisa ngamabhomu eBurundi, kwathi abantu ababalelwa ku-600 baboshwa kuqhubeka imibhikisho.
Le mibhikisho kuthiwa isuswe umengameli omemezele ukuthi usazobambelela emandleni.
Umkhuzi wamaphoyisa, uGeneral Andre Ndayambaje, utshele i-AFP ukuthi amaphoyisa amabili ashonile kwathi elinye lalimala eKamenge, kwashona nesinye isakhamuzi.
OLUNYE UDABA: Kushone 4 embhikishweni eNdiya
Kwesinye isigameko esifuze lesi kuleli lizwe elisenkabeni ye-Afrika, kulimale amaphoyisa amathathu, kusho uNdayambaje.
Isikhulu samaphoyisa esicele ukungadalulwa igama sithe: “Kucace ngokusobala ukuthi ababhikishi yibo abahlaselile. Uma befuna impi, bazoyithola.”