Isitatimende sikahulumeni esifundwe kumabonakude ngoLwesibili ebusuku sithe phakathi kwabantu abashonile kukhona nabangu-15 baseBurkina Faso naseNigeria.
Bangu-15 abalimale kabi.
Abasindile bathe iloli belinelambu elilodwa, umshayeli webhasi wase ecabanga ukuthi yisithuthuthu.
Izithombe zesiteshi sikamabonakude sikhombisa izidumbu zisuswa endaweni yesehlakalo zimboziwe.
Izingozi zomhwaqo zivamile eTogo, njengoba isimo semigwaqo kuleliya lizwe singesihle futhi nezimoto zigcwala ngokweqile, zithwele abantu nezimpahla.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho