Ukungakheki ngendlela yikho okudale ukuthi leli bhilidi libhidlike, ngokusho kukaGamal Al-Taruti, noyinhloko yezokuphepha eMnyangweni wezokuPhepha koMphakathi.
"Ngesikhathi kwakhiwa leli bhilidi, izinto azihanjiswanga ngendlela,” esho etshela i-AFP.
Uphenyo lokuqala lutshengise ukuthi ukubhidlika kudalwe ukwakha obekuqhubeka esitezi sesithathu kuleli bhilidi.
OLUNYE UDABA: Kushone 2 kuwa ibhilidi eMumbai
Kube sekuboshwa othole ithenda lokwakha kwase kukhishwa izincwadi ezigunyaza ukuthi kuboshwe abanye ababili kanjalo nabanikazi bebhilidi, kusho umthombo ongathandanga ukudalulwa igama.
Izingozi ezifuze le zivamile eGibhithe, lapho amabhilidi amaningi esemadala kanti futhi nomakhi abayilandeli imithetho yezokuphepha.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter