Algiers – Kushone abantu abangu-16 kwalimala abangu-30 engozini lapho
kushayisane khona amabhasi amabili emgwaqweni onguthelawayeka e-Algeria.
Ngokombiko le ngozi enyantisa igazi yenze
ngoLwesibili ngesikhathi lamabhasi ethaolana phezulu kwashinqa uthuli.
OLUNYE UDABA: Kuyaphenywa ngengozi yase-Algeria
Kubikwa
ukuthi le ngozi yenze emgwaqweni ohlangani amadolobha amabili iLaghouat ne-Afflou.
Okhulumela ezokuphepha e-Algeria uColonel Farouk Anchour uthe imbangela yale
ngozi ibingakazi kodwa amaphoyisa aseluqalile uphenyo.
Uthe abalimele baphuthunyiswe
ezibhedlwa ezahlukene. Izwe lase-Algeria libalwa namanye anesibalo esiphezulu
sezingozi emhlabeni jikelele.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho