Tripoli — Esehlakalweni sakamuva eLibya, oshayasibhamu bagasele ehhotela likanokusho ebelihleli izithunywa zakwamanye amazwe kanye nosomabhizinisi enhlokodolobha ngoLwesibili, babulala abantu abayishumi, okubalwa kubona abaseMelika, abaseFrance kanye nabathathu base-Asia.
Oshayasibhamu ababili bagcine bebulewe ngesikhathi betholene phezulu nabezokuphepha ngase Corinthia Hotel.
Funda nalolu daba: Angase ajutshwe ngelizayo amasosha azolwisana neBoko Haram.
Akucacikahle ukuthi ngabe bakhona yini abanye oshayasibhamu ebebekhona kulokhu kuhlasela, okushone khona nonogada abahlanu baseLibya.
Kubikwe ku-Twitter ukuthi yiqembu elidlelana ne-Islamic State elihlaselile.
Kodwa, abukho ubufakazi balokho okwamanje.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.