Mogadishu – Isikhulu esiphezulu se-Al Shabaab, ebesekuphele iminyaka sifunwa yiMelika, sesishonile, kusho leli qembu lezihonga ngoLwesine.
UHassan Abdullah Hersi Turki, 73, ushone ngemuva kokugula isikhathi eside, kusho okhulumela iAl Shabaab uSheikh Ali Mohamud Rage, ophinde aziwe ngelika-Ali Dhere, kwabe-dpa.
Funda nalolu daba: Uvele enkantolo obanjwe enza ucansi emsebenzini
UTurki kubikwa ukuthi wayesondelene kakhulu nowayengumholi we- Al Qaeda u-Osama bin Laden.
IMelika yazama ukubulala uTurki ngo-2008 ngesikhathi ihlasela ngamabhanoyi eSomalia, esifundeni saseLower Juba eSomalia.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.