Borno – Oshayasibhamu abasolwa ngokuba amalungu eBoko Haram bashise amasonto alinganiselwa kwamahlanu eKwajaffa, Tashan Alade nakwe minye imiphakathi yaseHawul okuyindawo engaphansi kwesifunda saseBorno, kubike iVanguard.
Oshayasibhamu bagasele le miphakathi ngoLwesithathu ebusuku bashisa amasonto besebenzisa amabhomu okubalwa kuwona nawaphethiloli.
Oshayasibhamu kubikwe ngemuva kwalesi sehlakalo, batshele amanye amalungu omphakathi ukuthi bazoshisa ikomkhulu likahulumeni wasekhaya ngaseHawul.
IHawul iyindawo engamakhilomitha alinganiselwa kwangu- 30 ukusuka eBiu. Nakuba kungashonanga muntu kulesi sehlakalo, oshayasibhamu bakhombise ukuzitanasela bengaphazanyiswa muntu.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).