Kano – Kusolwa amaphekula eBoko Haram ngabantu abangu-13 abashone esehlakalweni sokudubula namaphoyisa kanye nesokuziqhumisa ngebhomu okwenziwe yidelakufa endaweni okuqeqeshwa amaphoyisa ngoLwesithathu.
Ukhomishana wamaphoyisa aseKano u-Adelere Shinaba uthe amaphekula, angene eFederal College of Education.
Iningi lezisulu belifunda ngaphakathi ehholo eKano College, okuyilapho
kungene khona oshaya sibhamu ababili bavulela ngenhlamvu.
Funda nalolu daba: Amasosha abulale abeBoko Haram.
Ngeleso sikhathi namaphoyisa avulele ngenhlamvu, elinye idelakufa laziqhumisa ngebhomu, elinye ladutshulwa lashona.
Bangu-34 abantu okuthiwa bangeniswe esibhedlela belimele.– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.