Paris – Isimo sezulu ebesingesihle kungenzeka ukuba yisona esidale ukuba kuphahlazeke indiza ye-Air Algerie eMali, ebinabagibeli abangu-116, kusho izikhulu zaseFrance ngoLwesihlanu.
Abaphenyi abasendaweni yesehlakalo sebephethe ngelokuthi ibhanoyi lihlukane ngesikhathi liphahlazeka phansi, kusho isikhulu, esiqhube sathi lokhu kusho ukuthi ibhanoyi alidutshulwanga.
"Ibhanoyi lihlukane ngesikhathi liphahlazeka phansi,” kusho uNgqongqoshe wezangaPhakathi uBernard Cazeneuve etshela umsakazo i-RTL, ekhuluma ngaleli bhanoyi eliphahlazeke linabantu abangu-51 baseeFrance.
"Sicabangela ukuthi indiza iphahlazeke ngenxa yesimo sezulu ebesingesihle. Okwamanje akukho okungeke kubhekwe... Kodwa yilokho okusasinika umqondo,” usho kanje.
UNgqongqoshe wezokuThutha, uFrederic Cuvillier, yena uthe iphunga likaphethiloli elizwakala endaweni yesehalakalo kanye nokuthi izingcezu zebhanoyi azisaphazekanga endaweni enkulu, kusho ukuthi ibhanoyi libenezinkinga.
Akusindanga muntu kule nhlekelele, ngokusho kukaMengameli waseFrance uFrancois Hollande ngoLwesine, oqhube wathi i-black box yebhanoyi isitholakale.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).