Izakhamuzi zithe la masosha awasenkanjini i-4,2 Infantry Battalion, kubike i-myzimbabwe.co.zw.
"La masosha abebonakala ukuthi acwile ezinkambeni zikaFaro. Avele athela isibhaxu ebantwini ngaphandle kokukhuluma. Abebhula kwasani ngenduku, akukhathaleki umncane noma umdala," kusho isakhamuzi esizibonele.
Esinye isisulu sithe sisizwe ukuyobhaca esitolo esithize ngesikhathi kusuka isidumo.
"Ngingene nezicabha kwesinye sezintolo ngalinda isimo saze sabuyela kwesejwayelekile. La masosha adlulele phambili agaxa induku ebantwini abebesezitobhini zamabhasi. Amaphoyisa afike emuva kwendaba," kusho isisulu.
Ongumxhumanisi wombutho wezamasosha nabezindaba, uLieutenant Colonel Alphios Makotore akazange atholakale ukuba aphawule.
Lowo oyibanmba lokhulumela amaphoyisa eMasvingo, u-Assistant Inspector Nkululeko Nduna uthe akazi ngalesi sigameko.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter