Bulawayo - Kuvaleleke abantu abangu-14 eliftini esibhedlela saseBulawayo ngoLwesine kanti iningi labo bekuyiziguli.
Ilifti ijame imizuzu engu-30 nabantu phakathi kulandela ukucisha kukagesi eLance House esibhedlela esizimele maphakathi nedolobha.
Leszi ziguli zijuluke zamanzi te ngemuva kokubona ukuthi le lifti ayinawo amabhathini e-alarm ukuze zixhumane nabanini bebhilidi noma izicishamlilo okuwumgomo olandelwayo uma kujame ilifti.
OLUNYE UDABA:Kushone oyedwa kuwa ilifti kwelikahulumeni
Kubikwa ukuthi le lifti ibigcwele kakhulu njengoba ithatha abantu abangu-8 kuphela.
Kulezi ziguli kubalwa obehamba nge-wheel chair nengane eneminyaka emithathu ubudala kanti baze basizakala ngezithuba zabo-12:30 emini besizwa yinkampani i-Otis Elevator besizwa abezicishamlilo.
Okhulumela abezicishamilo uChief Richard Peterson uthe imbangela yokujama kwelifti ukucisha kwagesi, kubika iBulawayo24.
"Ngingakuqinisekisa ukuthi kuvaleleke abantu abangu-14 eliftini," kusho uPeterson.
"La malifti asemadala kanti sekukaningi abantu bevaleleka ngaphakathi kuwo."
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter