isiZulu

Kuvalwe izigqebhe eSwazini

2012-12-24 14:30
Mbabane - Amaphoyisa aseSwazini asevale abesifazane ekutheni bagqoke isigqebhe nezikibha eziveza izisu njengoba bethi zibabizela abadlwenguli, kusho abezindaba ngoMsombuluko.

Abephula lo mthetho bangase babhekane nezinyanga eziyisithupha bebhadle ejele.

"Lezi zingubo zenza kube lula kubadlwenguli, ngoba bazikhumula kalula lezi zingubo ezincane abazifakayo," kusho okhulumela amaphoyisa uWendy Hleta ecashunwa yi-Independent Online.

Lo mthetho omusha awuwavumi namabhulukwe aveza ukhalo ngaphandle.

"Bazoboshwa abatholakala bephambana nalokhu," esho.

"Sengike ngafunda ezinkundleni zokuxhumana ukuthi abantu 'sebekhumulana ngamehlo'. Lokhu kuba lula uma abantu begqoke izingubo ezibabambayo noma ezimfushane."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

AFP

Ezinye izindaba e- Afrika

«Emuva
Ad:Funeral Cover from R35/m