Lagos – Uhulumeni waseLagos usexwayise abantu ukuba baqaphele abefundisi abathi bayawulapha ugawulayo i-Ebola, kubike abezindaba ze-CAJ eNigeria.
Ukhomishana we-Information and Strategy, u-Aderemi Ibirogba, uthe abantu kumele bawexwaye amaqola aqamba amanga ethi ayakwazi ukwelapha lo mbulalazwe wegciwane.
Ube esenxusa labo abasho lokhu ukuba bayeke, uma kungenjalo babhekane nengalo yomthetho.
“Abezempilo kuphela okwaziwayo ukuthi bayakwazi ukubhekana nezifo,” kusho u-Ibirogba.
Khonamanjalo, ube esenxusa izakhamuzi ukuba zibonane nodokotela uma kukhona ezingakuzwa kahle emzimbeni, hhayi indaba yokuya kubefundisi.
Ukhomishana uphinde waxwayisa abantu ukuba bayeke ukuthumelana imiyalezo ethusayo nge-Ebola ngoba lokho kungenza abantu batatazele noma kudale isimo esingeke sisalawuleka.
Okwamanje alikho ikhambi lokwelapha leli gciwane.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.